Help
Change language Zulu (isiZulu)

New: Corylus jacquemontii Shop (Endia), Ezikhula iminyaka eminingi, AmaBulbs

Become a KPR member, and enjoy cheaper prices immediately. Register here.

KPR yavulwa ngoku semthethweni ngonyaka ka 2000 e-Slovakia e-Europe; kodwa saqala ukuthumela imbewu nezitshalo kumhlaba wonke jikelele kusukela ngo 1998.

Injongo yethu ukubhekisisa ekuhlanganiseni bonke abalimi umhlaba wonke jikelele kuzona zonke izindawo zokuzithokozisa ukuze sakhe idatabheyisi enkulu yezithombo nezitshalo (Seed and Plant Bank of KPR) umhlaba wonke jikelele.

Okwamanje, sinama gatsha ayisithupha (e-Slovakia, e-Czechia, e-Australia, e-India, e-Thailand, eNingizimu Afrika, nase e-Tanzania) sibese sibe nezinhlanganyela ndawonye nabalandi (collectors) umhlaba wonke.

Kulezi zinsuku zamanje siyakwazi ukulanda siphinde sikhiqize izihlahla ezongaphezulu kuka 10 000 umhlaba wonke jikelele.

Uma udinga noma yini, usendaweni elungile! Yize singakabi nazo izitshalo esiziqokolelile okwamanje, kodwa siyakhula usuku nosuku, isinyathelo ngesinyathelo, imbewu ngembewu, isitshalo ngesitshalo. Siyakholelwa ukuthi ngokushesha sizokwazi ukunikezela nganoma yini!

Kudayiswa imbewu engaphezulu kuka 10 000 nezitshalo ezisuka kumhlaba wonke jikelele- amasundu, ama-cycads, ezidabuka kwamanye amazwe, izitshalo nezihlahla ezibekezela isithwathwa, ama-succulents, izitshalo ezidla izilwane, ezikhula unyaka wonke, ezikhula iminyaka eniningi, utshani lwama-ornamental, imifino, njll.


Usuyifakile lempahla kwi Nqola Yokuthenga.